Isikhathi esisemqoka kakhulu kusiyingiliza sempilo yengulube ukusuka ekuzalweni ize ifike ebunganeni. Ngobuncane izingulube ezimbili kulitha ngayinye ezifayo ngalesi sikhathi. Iphuzu elikhulu eliwumthelela waloku ukuphatha okusezingeni eliphansi, noma imbangela okuyiyona kungaba ukuminyana, ukuphuma igazi ngenkaba, ukuphelelwa ububomvu begazi, ukubulawa yindlala noma isifo.
Ingulube yensikazi kumele igezwe bese igezwa nangomuthi ngaphambi kokuba isiwe esibayaneni sokuzalela (okungenani amalanga ama-4 kuya kwama-5 ngaphambi kokuzala).
Ingulube yensikazi esisondele ukuzala ingasiwa epanini lokuzalwa kanye ngeviki, ukuze ijwayele ikhilethi yokuzalela ukwehlisa nokuxineka.
Umbele kumele uhlolisiswe kahle ukuze kutholakale izindawo eziqinile noma izigaxa.
Izigaxa zingelashwa ngomuthi wokubulala amagciwane.
Isibayana sokuzalela kumele sakhiwe ibanga elikudana nezinye izibayana.
Ukuhlanzeka kwezempilo kumele kwenziwe ngaso sonke isikhathi.
Kusemqoka ukuthi ugeze isibayana sokuzalela kahle emuva kokususa ingulube yensikazi kanye nezingulutshana zayo.
Konke ukungcola kumele kususwe ngokusebenzisa isipuleyi esinamandla omoya amaningi, ibhulashi lokuhlanza noma umshanelo oqinile.
Isibayana kumele sihlanzwe kusetshenziswa umuthi wokugeza ofana namaphesenti ama-4 ombhubhudlo wefomalini. Kumele iyekwe ingahlali lutho izinsuku ezi-2 ukuya kwezi-3.
Izingubo zokulala ezingcolile nezimanzi kumele zisuswe ngazo zonke izinsuku bese kubekwa izingubo zokulala ezomile.
Ingulube yensikazi kumele ibe nobisi olulingene-i-agalakhthiya ingabangela ukuthi iizingulutshana zife ngenxa yendlala i-Agalakhthiya kanye nemasititisi zidinga ukuhlolisiswa nokunikezwa ukwelapha okukhethekile kanti nengcweti kumele ibizwe ngokushesha.
Ubude benkaba bungaba ngamasentimitha ayi-12 nokuthi ingxenye engamasentimitha ama-2 kumele ishiywe.
Kuvikela ukulimala phakathi kwezingulutshana ngenkathi zilwa kanti futhi kuvikela ukulunywa nokuklwejwa kwemibele yengulube yensikazi.
Qaphela uma usika amazinyo ungalimazi izinsini.
Kuphephile kanti futhi kuyanceda ukuthi ushiye izinyo eliyisigamu.
Uyelulekwa ukuthi usike amazinyo usebenzisa isigedla samazinyo esifanele.
Izingulutshana zizalwa zinezinqolobane ze-ayoni eziyingcosana nobisi lwengulube yensikazi alunikezi izidingo ze-ayoni ezingulutshaneni ezikhuliswa emhlabathini wesimende.
Ukugcwalisela i-ayoni kumele kunikezwe ngokushesha emva kokuzalwa(ezinsukwini ezi-3 ukuya kwe-7)ngokuzijova entanyeni.
Izingulutshana kumele zibekwe uphawu ezindlebeni ngezinjongo zokuzazi.
Kukhona izinhlobo ezahlukene zamathegi ezindlebe anganamathiselwa ezindlebeni.
Izinhlelo zokufakela izinombolo ezindlebeni zeNhlangano yoHlanga lokuZalwa yaseNingizimu Afrika(S.A. Pedigree Association) kumele zisetshenziswe ngezinjongo zohlanga lokuzalwa.
